8 Wenza amatafula ayishumi, wawabeka ethempelini, ayisihlanu ngakwesokunene nayisihlanu ngakwesokhohlo. Wenza nezitsha eziyikhulu zegolide.
9 Wenza igceke labapristi, negceke elikhulu, neminyango yegceke, wazinameka izivalo zayo ngethusi.
10 Walubeka ulwandle ngakwesokunene ngasempumalanga yangaseningizimu.
11 UHiramu wenza amakhanzi, namafosholo, nezitsha. UHiramu wayeseqeda ukwenza umsebenzi abewenzela inkosi uSolomoni endlini kaNkulunkulu:
12 izinsika ezimbili, nezihloko ezimbili ezinjengezinkamba ezaziphezu kwezinsika, namanetha amabili okwembesa izihloko ezimbili ezinjengezinkamba ezaziphezu kwezinsika,
13 namapomegranati* angamakhulu amane amanetha omabili, izinhla ezimbili zamapomegranati kulelo nalelo netha, okwembesa izihloko zombili ezazinjengezinkamba phezu kwezinsika.
14 Wazenza nezinqe; nemicengezi wayenza ezinqeni,