35 mawuzwe wena ezulwini umkhuleko wabo nokunxusa kwabo, ubavume.
36 “Uma bona kuwe ngokuba akukho muntu ongoniyo bese wubathukuthelela wena, ubanikele esitheni, ukuze ababathumbayo babamukisele ezweni lesitha, likude noma liseduze,
37 kepha bese becabanga ezweni lapho bethunjelwe khona, baphenduke, banxuse kuwe ezweni lababathumbayo ngokuthi: ‘Sonile, senzile ngokuphambeneyo, saziphatha kabi;’
38 uma bephendukela kuwe ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo ezweni lokuthunjwa kwabo, lapho bebathumbele khona, bakhuleke bebhekene nezwe lakubo owalinika oyise, nomuzi owukhethileyo, nendlu engiyakhele igama lakho,
39 mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, umkhuleko wabo nokunxusa kwabo, ubavume, uthethelele abantu bakho abonile kuwe.
40 “Ngalokho, Nkulunkulu wami, amehlo akho mawavulekele, nezindlebe zakho maziwulalele umkhuleko owenziwa kule ndawo.
41 “Ngalokho:Vuka, Jehova Nkulunkulu,uze endaweni yakho yokuphumula,wena nomphongolo wamandla akho;abapristi bakho, Jehova Nkulunkulu,mabembathiswe ukusindiswa,nabathembekileyo bakho mabathokoze ngokuhle.