1 USolomoni eseqedile ukukhuleka, kwehla umlilo ezulwini, wadla umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu.
2 Abapristi babengenakungena endlini kaJehova, ngokuba inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaJehova.
3 Lapho abantwana bakwa-Israyeli bebona ukwehla komlilo, nenkazimulo kaJehova iphezu kwendlu, bakhothama phansi ngobuso phezu kwendawo egandaywe ngamatshe, bakhuleka, babonga uJehova, ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade.
4 Inkosi nabo bonke abantu base benikela ngomhlatshelo phambi kukaJehova.