1 Kwathi ngasekugcineni kweminyaka engamashumi amabili uSolomoni akhe ngayo indlu kaJehova nendlu yakhe,
2 imizi uHiramu anike yona uSolomoni, uSolomoni wayivusa, wahlalisa khona abantwana bakwa-Israyeli.
3 USolomoni waya eHamati Soba, walahlula.
4 Wakha iTadimori ehlane, nayo yonke imizi yokubekelela ayakha eHamati.
5 Wakha neBeti Horoni laseNhla, neBeti Horoni laseNzansi, imizi ebiyelweyo enezingange, namasango, nemigoqo,
6 kanye neBalati nayo yonke imizi yokubekelela uSolomoni ayenayo, nayo yonke imizi yezinqola zakhe, nemizi yabamahhashi bakhe, nakho konke uSolomoni ayefisa ukukwakha eJerusalema, naseLebanoni, nasezweni lonke lokubusa kwakhe.
7 Abantu bonke abaseleyo kumaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, abangesibo abakwa-Israyeli,