5 Wakha neBeti Horoni laseNhla, neBeti Horoni laseNzansi, imizi ebiyelweyo enezingange, namasango, nemigoqo,
6 kanye neBalati nayo yonke imizi yokubekelela uSolomoni ayenayo, nayo yonke imizi yezinqola zakhe, nemizi yabamahhashi bakhe, nakho konke uSolomoni ayefisa ukukwakha eJerusalema, naseLebanoni, nasezweni lonke lokubusa kwakhe.
7 Abantu bonke abaseleyo kumaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, abangesibo abakwa-Israyeli,
8 abantwana babo abasala emva kwabo ezweni, abangaqedwanga ngabantwana bakwa-Israyeli, kubona uSolomoni wabiza izisebenzi kuze kube namuhla.
9 Kepha kubantwana bakwa-Israyeli uSolomoni akakhiphanga izigqila zomsebenzi wakhe, ngokuba babengamadoda empi, nabakhulu bezinduna zakhe, nezinduna zezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe.
10 Lezo zaziyizinduna ezinkulu zenkosi uSolomoni; zazingamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, zazibusa phezu kwabantu.
11 USolomoni wakhuphula indodakazi kaFaro emzini kaDavide, wayiyisa endlini ayakhele yona, ngokuba wathi: “Akuyikuhlala owesifazane endlini kaDavide inkosi yakwa-Israyeli, ngokuba ingcwele, lapho kufike khona umphongolo kaJehova.”