9 Yanika inkosi amatalenta* ayikhulu namashumi amabili egolide, namakha amaningi kakhulu, namatshe ayigugu; awazange abe khona amakha anjengalawo inkosi uSolomoni eyaphiwa wona yinkosikazi yaseSheba.
10 Izinceku zikaHiramu nezinceku zikaSolomoni ezabuya negolide e-Ofiri zaletha imi-alimugi* namatshe ayigugu.
11 Ngemi-alimugi* inkosi yenzela indlu kaJehova nendlu yenkosi izikhwelo, kanye namahabhu,* nezingubhu zabahlabeleli; akuzange kubonwe phambili okunjengakho ezweni lakwaJuda.
12 Inkosi uSolomoni yanika inkosikazi yaseSheba konke ekufunayo nekucelayo ngaphandle kwalokho ebikulethele inkosi. Yayisibuya, yaya ezweni layo, yona nezinceku zayo.
13 Isisindo segolide elafika kuSolomoni iminyaka yonke sasingamatalenta* angamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha egolide
14 ngaphandle kokuvela kubahwebi nabathengisi; onke amakhosi ase-Arabiya nababusi bezwe baletha igolide nesiliva kuSolomoni.
15 Inkosi uSolomoni yenza izihlangu ezingamakhulu amabili zegolide elikhandiweyo, kwaba ngamashekeli* angamakhulu ayisithupha egolide elikhandiweyo kuso isihlangu sinye,