18 UJuda wathatha iGaza nomkhawulo walo, ne-Ashikeloni nomkhawulo walo, ne-Ekroni nomkhawulo walo.
19 UJehova wayenaye uJuda, waxosha abasezintabeni; wayengenakuxosha kodwa abakhe esigodini, lokhu bebenezinqola zensimbi.
20 Bamnika uKalebi iHebroni, njengalokho ebekhulumile uMose; waxosha khona amadodana amathathu ka-Anaki.
21 Abantwana bakwaBenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayakhe eJerusalema, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaBenjamini eJerusalema kuze kube namuhla.
22 Kwenyukela eBethele nabendlu kaJosefa; uJehova wayenabo.
23 Abendlu kaJosefa bathuma bahlola iBethele; igama lomuzi laliyiLuze kuqala.
24 Zase zibona izinhloli umuntu ephuma emzini, zathi kuye: “Ake usikhombise intuba yokungena emzini, siyakukwenzela umusa.”