Abahluleli 5 ZUL59

Ihubo likaDebora noBaraki

1 Base behlabelela oDebora noBaraki indodana ka-Abinohama ngalolo suku, bethi:

2 “Ngokuba abaholi beholilekwa-Israyeli,ngokuba abantu bezinikela ngenhliziyo,bongani uJehova.

3 “Yizwani nina makhosi;bekani indlebe nina zikhulu;mina, yebo, mina ngiyakuhlabelela kuJehova,ngihubele kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

4 “Jehova, ekuphumeni kwakho eSeyiri,ekusukeni kwakho ezweni lakwa-Edomiumhlaba wazamazama, namazulu aconsa,yebo, amafu aconsa amanzi.

5 Izintaba zathuthumela ebuswenibukaJehova,yebo, nalo iSinayi lelo,ebusweni bukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

6 “Ezinsukwini zikaShamgari indodanaka-Anati,ezinsukwini zikaJayeli imendo yayishiyiwe;ababeyakuhamba ngemendo bahamba ngemikhondo.

7 Abaholi baphela kwa-Israyeli,banqamuka,ngaze ngavuka mina Debora,ngavuka ngingunina kwa-Israyeli.

8 Bakhetha onkulunkulu abasha;lapho kwafika impi emasangweni;kwabonwa isihlangu noma umkhonto yiniphakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli na?

9 Inhliziyo yami ikubabusibakwa-Israyeliabazinikelayo ngenhliziyo phakathi kwabantu;bongani uJehova.

10 “Nina enigibela izimbongoloezimhlophe,nina enihlezi emacansini,nani enihamba ngendlela, kulandeni.

11 Ekwahlukaniseni impango phakathikwemiqengqe yamanzibalanda khona izenzo ezilungileyo zikaJehova,ukulunga kokubusa kwakhe kwa-Israyeli;khona abantu bakaJehova behlela emasangweni.

12 “ ‘Vuka, vuka, Debora!Vuka, vuka, uhube ihubo!Vuka, Baraki, uthumbe abathunjwa bakho,wena ndodana ka-Abinohama!’

13 “Khona wayenza insali ukuba ibuseabakhulu;abantu bakaJehova bangibeka ukuba ngibuse iziqhwaga.

14 Kwavela kwa-Efrayimi abampande yabo ikuma-Amaleki;emva kwakho nguBenjamini phakathi kwabantu bakho.KwaMakiri kwavela ababusi,kwaZebuloni abaphethe intonga yomholi.

15 Izikhulu zakwa-Isakare zazinayeuDebora;njengo-Isakare, kanjalo noBaraki;behlela ngokushesha esigodini ezinyathelweni zakhe.Ngaseminonjaneni yakwaRubenikwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo.

16 Wahlalelani ezibayeni zezimvuukuzwa ikhwelo lemihlambi na?Ngaseminonjaneni yakwaRubenikwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo.

17 UGileyadi wahlala phesheyakweJordani;uDani walibalelani emikhunjini na?U-Asheri wahlala ngasogwini lolwandle,wasala ngasemathekwini akhe.

18 UZebuloni wayengabantu abazidelakwaze kwaba sekufeni,uNafetali kanjalo ezindaweni eziphakemeyo zezwe.

19 “Amakhosi afika alwa,alwa amakhosi aseKhananieThahanaki ngasemanzini aseMegido;awathathanga nzuzo yamali.

20 Kwaliwa ezulwini;izinkanyezi ezindleleni zazo zalwa noSisera.

21 Umfudlana iKishoni wabakhukhula,umfudlana wamandulo, umfudlana iKishoni.Awu, mphefumulo wami, nyathela ngamandla.

22 Khona zadubuza izinselo zamahhashingokugadula, ukugadula kwezinkweli zawo.

23 ‘Qalekisani iMerozi,’ kwasho ingelosikaJehova;‘qalekisani nokuqalekisa abantu balo,ngokuba abezanga ukumsiza uJehovaukuba bamsize uJehova ukulwa neziqhwaga.’

24 “Uyakubusiswa phezu kwabesifazaneuJayeliumkaHebere umKheni,abusiswe phezu kwabesifazane basematendeni.

25 Wacela amanzi, wamupha ubisi,wamlethela amangqanga ngesitsha samakhosi.

26 Wafaka isandla sakheesikhonkwaneni,esokunene sakhe esandweni sezisebenzi;ngesando wamshaya uSisera,wadebeza ikhanda lakhe,yebo, wamgqobhoza, wambhoboza esikhaleni sendlebe.

27 Wakhothama ngasezinyaweni zakhe,wawa, walala;ngasezinyaweni zakhe wafola, wawa;lapho wakhothama khona, wawela khona efile.

28 “Wabheka efasiteleni, wamemeza,unina kaSisera wathi eheleni:‘Inqola yakhe ilibalelani ukufika na?Zilibaziselwani izinyawo zezinqola zakhe na?’

29 Amakhosazana akhe ahlakaniphileyo amphendula,yebo, wazibuyisela yena uqobo impendulo ngokuthi:

30 ‘Angithi batholile babelana impango?Intombi, yebo, izintombi ezimbili endodeni ngayinye;kuSisera impango yezingubo ezinemibala,impango yezingubo ezinemibala ezifekethisiweyo;izingubo ezimbili ezinemibala ezifekethisiweyo zezintamozaba yimpango.’

31 “Mazibhubhe kanjalo zonke izithazakho, Jehova;kepha abamthandayo mababe njengelanga,lapho liphuma ngamandla alo.”Izwe selaba nokuthula iminyaka engamashumi amane.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21