21 Abantwana bakwaBenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayakhe eJerusalema, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaBenjamini eJerusalema kuze kube namuhla.
22 Kwenyukela eBethele nabendlu kaJosefa; uJehova wayenabo.
23 Abendlu kaJosefa bathuma bahlola iBethele; igama lomuzi laliyiLuze kuqala.
24 Zase zibona izinhloli umuntu ephuma emzini, zathi kuye: “Ake usikhombise intuba yokungena emzini, siyakukwenzela umusa.”
25 Wazikhombisa intuba yokungena emzini, zawuchitha umuzi ngosiko lwenkemba; kepha zamvumela lowo muntu nomndeni wakhe ukuba bahambe.
26 Lowo muntu wayesengena ezweni lamaHeti, wakha umuzi, waqamba igama lawo ngokuthi iLuze okuyigama lawo kuze kube namuhla.
27 UManase akaxoshanga abaseBeti Sheyani nemizana yalo, nabaseThahanaki nemizana yalo, nabakhe eDori nemizana yalo, nabakhe eJibileyamu nemizana yalo, nabakhe eMegido nemizana yalo; amaKhanani aphumelela ukuhlala kulelo zwe.