26 Lowo muntu wayesengena ezweni lamaHeti, wakha umuzi, waqamba igama lawo ngokuthi iLuze okuyigama lawo kuze kube namuhla.
27 UManase akaxoshanga abaseBeti Sheyani nemizana yalo, nabaseThahanaki nemizana yalo, nabakhe eDori nemizana yalo, nabakhe eJibileyamu nemizana yalo, nabakhe eMegido nemizana yalo; amaKhanani aphumelela ukuhlala kulelo zwe.
28 Kwathi u-Israyeli esenamandla, bawasebenzisa amaKhanani, kepha abawaxoshanga nokuwaxosha.
29 Naye u-Efrayimi akaxoshanga amaKhanani ayakhe eGezeri; kepha amaKhanani ahlala phakathi kwabo eGezeri.
30 UZebuloni akaxoshanga abakhe eKitroni, nabakhe eNahaloli; kepha amaKhanani ahlala phakathi kwabo, asetshenziswa.
31 U-Asheri akaxoshanga abakhe e-Ako, nabakhe eSidoni, nase-Ahlabi, nase-Akizibi, naseHelba, nase-Afiki, naseRehobe;
32 kepha ama-Asheri ahlala phakathi kwamaKhanani ayakhe kulelo zwe, ngokuba abawaxoshanga.