2 Wamahlulela u-Israyeli iminyaka engamashumi amabili nantathu, wafa, wembelwa eShamiri.
3 Emva kwakhe kwavela uJayire wakwaGileyadi, wamahlulela u-Israyeli iminyaka engamashumi amabili nambili.
4 Wayenamadodana angamashumi amathathu agibela amathole ezimbongolo angamashumi amathathu; ayenemizi engamashumi amathathu ethiwa iHavoti Jayire kuze kube namuhla, esezweni lakwaGileyadi.
5 UJayire wafa, wembelwa eKhamoni.
6 Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova, babakhonza oBali, no-Ashitaroti, nawonkulunkulu base-Aramu, nawonkulunkulu baseSidoni, nawonkulunkulu bakwaMowabi, nawonkulunkulu babantwana bakwa-Amoni, nawonkulunkulu bamaFilisti, bamshiya uJehova, kabamkhonza.
7 Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli, wathengisa ngabo esandleni samaFilisti nasesandleni sabantwana bakwa-Amoni.
8 Bakhathaza, bacindezela abantwana bakwa-Israyeli ngalowo mnyaka; iminyaka eyishumi nesishiyagalombili babacindezela bonke abantwana bakwa-Israyeli ababengaphesheya kweJordani ezweni lama-Amori elikwaGileyadi.