1 UJefta wakwaGileyadi wayeyiqhawe elinamandla; wayeyindodana yesifebe; uGileyadi wamzala uJefta.
2 UmkaGileyadi wamzalela amadodana; esekhulile amadodana omkakhe amxosha uJefta, athi kuye: “Awuyikulidla ifa endlini kababa, ngokuba uyindodana yomunye owesifazane.”
3 UJefta wabalekela abafowabo, wahlala ezweni laseThobi; kwabuthana kuJefta amayiyane, aphuma naye.
4 Kwathi emva kwesikhashana abantwana bakwa-Amoni balwa no-Israyeli.