26 U-Israyeli esahlala eHeshiboni nasemizaneni yalo, nase-Aroweri nasemizaneni yalo, nasemizini yonke engaseceleni kwe-Arinoni iminyaka engamakhulu amathathu, anisaphucanga ngani yona ngaleso sikhathi na?
27 Mina angikonanga, kepha wena wenza okubi kimi ngokulwa nami; uJehova uMahluleli makahlulele namuhla phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwa-Amoni.”
28 Kodwa inkosi yabantwana bakwa-Amoni ayilalelanga amazwi kaJefta awathuma kuyo.
29 Khona uMoya kaJehova wafika kuJefta, wadlula kwaGileyadi nakwaManase, wadlula naseMispa lakwaGileyadi; esuka eMispa lakwaGileyadi wadlulela kubantwana bakwa-Amoni.
30 UJefta wenza isithembiso kuJehova, wathi: “Uma uyakunikela impela abantwana bakwa-Amoni esandleni sami,
31 kuyakuthi noma yikuphi okuphuma eminyango yendlu yami ukungihlangabeza, lapho ngibuya ngokuthula kubantwana bakwa-Amoni, kube ngokukaJehova, nginikele ngakho kube ngumnikelo wokushiswa.”
32 UJefta wayesedlulela kubantwana bakwa-Amoni ukulwa nabo; uJehova wabanikela esandleni sakhe.