30 UJefta wenza isithembiso kuJehova, wathi: “Uma uyakunikela impela abantwana bakwa-Amoni esandleni sami,
31 kuyakuthi noma yikuphi okuphuma eminyango yendlu yami ukungihlangabeza, lapho ngibuya ngokuthula kubantwana bakwa-Amoni, kube ngokukaJehova, nginikele ngakho kube ngumnikelo wokushiswa.”
32 UJefta wayesedlulela kubantwana bakwa-Amoni ukulwa nabo; uJehova wabanikela esandleni sakhe.
33 Wababulala kusukela e-Aroweri kuze kufike eMiniti, imizi engamashumi amabili, nase-Abela Keramimi ngokuceka okukhulu kakhulu. Kanjalo abantwana bakwa-Amoni banqotshwa phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.
34 UJefta weza eMispa endlini yakhe; bheka, indodakazi yakhe yaphuma ukumhlangabeza, iza nezigubhu nokusina; yayingumntwana oyedwa; ngaphandle kwakhe wayengenandodana nandodakazi.
35 Kwathi lapho eyibona, waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Hawu, mntanami, ungithobisile kakhulu, ungomunye wabangihluphayo, ngokuba ngivulile umlomo kuJehova, angisenakubuya.”
36 Wathi kuye: “Baba, uvulile umlomo wakho kuJehova; yenza kimi njengokuphumileyo emlonyeni wakho, lokhu uJehova ekuphindisele ezitheni zakho, abantwana bakwa-Amoni.”