1 USamsoni wehlela eThimna; wabona owesifazane eThimna wamadodakazi amaFilisti.
2 Wakhuphuka, wabatshela uyise nonina, wathi: “Ngibonile owesifazane eThimna wamadodakazi amaFilisti; ngalokho ngithatheleni yena abe ngumkami.”
3 Uyise nonina base bethi kuye: “Akakho yini owesifazane phakathi kwamadodakazi abafowenu noma phakathi kwabo bonke abantu bami, ukuze uye kuthatha umfazi kumaFilisti angasokile, na?”USamsoni wathi kuyise: “Ngithathele yena, ngokuba uyathandeka kimi.”
4 Kepha uyise nonina babengazi ukuthi lokho kwavela kuJehova, ngokuba wayefuna ithuba lokulwa namaFilisti. Ngaleso sikhathi amaFilisti ayebusa phezu kuka-Israyeli.