10 Uyise wehla, waya kulowo wesifazane, uSamsoni wenza idili khona, ngokuba zazenze njalo izinsizwa.
11 Kwathi lapho bembona, baletha abayeni abangamashumi amathathu ukuba babe naye.
12 USamsoni wathi kubo: “Ake ngininike imfumbe; uma ningitshela yona kahle ngezinsuku eziyisikhombisa zedili, niyiqandele, ngiyakuninika amayembe angamashumi amathathu nezingubo zokuphendulela ezingamashumi amathathu;
13 kepha uma ningenakuyiqandela kimi, niyakunginika amayembe angamashumi amathathu nezingubo zokuphendulela ezingamashumi amathathu.”Bathi kuye: “Yisho imfumbe yakho ukuba siyizwe.”
14 Wayesethi kubo:“Kodlayo kwaphuma ukudla,konamandla kwavela okumnandi.”Babengenakuyiqandela imfumbe ngezinsuku ezintathu.
15 Kwathi ngosuku lwesikhombisa bathi kumkaSamsoni: “Yenza umyeni wakho ukuba asichasisele imfumbe, funa sikushise wena nendlu kayihlo ngomlilo; nisimemele ukuba nisidle na? Akunjalo na?”
16 UmkaSamsoni wakhala phambi kwakhe, wathi: “Uyangizonda kuphela, awungithandi; unikile abakithi imfumbe, awungitshelanga yona.”Wathi kuye: “Bheka, angibatshelanga ubaba nomame, ngiyakukutshela wena na?”