17 Wakhala phambi kwakhe izinsuku eziyisikhombisa, lisekhona idili labo; kwathi ngosuku lwesikhombisa wayesemtshela, ngokuba wamcindezela kakhulu; wayisho imfumbe kwabakubo.
18 Abantu bomuzi bathi kuye ngosuku lwesikhombisa, lingakashoni ilanga:“Kuyini okumnandi kunezinyosi?Kuyini okunamandla kunengonyama na?”Wathi kubo:“Uma beningalimanga ngesithokazi sami,ngabe ningayiqandelanga imfumbe yami.”
19 UMoya kaJehova wafika kuye ngamandla, wehlela e-Ashikeloni, wabulala abantu abangamashumi amathathu kubo, wathatha isambatho sabo, wabanika abayiqandele imfumbe izingubo zokuphendulela. Intukuthelo yakhe yavutha, wenyukela endlini kayise.
20 Kepha umkaSamsoni wanikwa kumngane wakhe owabe ngomunye wabayeni bakhe.