9 Wazitapa ngezandla zakhe, wahamba, wahamba edla, wafika kuyise nonina, wabapha, badla nabo; kepha akabatshelanga ukuthi wayetape izinyosi esidumbini sengonyama.
10 Uyise wehla, waya kulowo wesifazane, uSamsoni wenza idili khona, ngokuba zazenze njalo izinsizwa.
11 Kwathi lapho bembona, baletha abayeni abangamashumi amathathu ukuba babe naye.
12 USamsoni wathi kubo: “Ake ngininike imfumbe; uma ningitshela yona kahle ngezinsuku eziyisikhombisa zedili, niyiqandele, ngiyakuninika amayembe angamashumi amathathu nezingubo zokuphendulela ezingamashumi amathathu;
13 kepha uma ningenakuyiqandela kimi, niyakunginika amayembe angamashumi amathathu nezingubo zokuphendulela ezingamashumi amathathu.”Bathi kuye: “Yisho imfumbe yakho ukuba siyizwe.”
14 Wayesethi kubo:“Kodlayo kwaphuma ukudla,konamandla kwavela okumnandi.”Babengenakuyiqandela imfumbe ngezinsuku ezintathu.
15 Kwathi ngosuku lwesikhombisa bathi kumkaSamsoni: “Yenza umyeni wakho ukuba asichasisele imfumbe, funa sikushise wena nendlu kayihlo ngomlilo; nisimemele ukuba nisidle na? Akunjalo na?”