15 Wafumana umhlathi wembongolo osemusha, welula isandla sakhe, wawuthatha, wabulala ngawo abantu abayinkulungwane.
16 Wathi uSamsoni:“Ngomhlathi wembongolo ngibulele inqwaba,yebo, izinqwaba ezimbili,ngomhlathi wembongoloabantu abayinkulungwane.”
17 Kwathi eseqedile ukukhuluma, wawulahla umhlathi esandleni sakhe; leyo ndawo yathiwa iRamati Lehi.
18 Wayesomile kakhulu, wakhala kuJehova, wathi: “Wenzile lokhu kukhululeka okukhulu ngesandla senceku yakho; kepha manje sengiyakufa ukoma, ngiwele esandleni sabangasokile.”
19 Kodwa uNkulunkulu wadabula isigoxi esiseLehi, kwaphuma amanzi kuso; lapho esephuzile, umoya wakhe wabuya, wahlumeleleka; ngalokho igama laso labizwa ngokuthi i-Eni Hakore eliseLehi kuze kube namuhla.
20 Wahlulela u-Israyeli ngezinsuku zamaFilisti iminyaka engamashumi amabili.