7 Kwakukhona insizwa yaseBetlehema Juda yomndeni wakwaJuda eyayingumLevi; yayigogobele khona.
8 Lowo muntu wamuka emzini, iBetlehema Juda, ukuyobona lapho engathola khona indawo; ekuhambeni kwakhe wafika ezintabeni zakwa-Efrayimi endlini kaMika.
9 UMika wathi kuye: “Uvelaphi na?”Wathi kuye: “NgingumLevi waseBetlehema Juda; ngiyahamba ukubona lapho ngingathola khona indawo.”
10 UMika wayesethi kuye: “Hlala kimi, ube ngubaba nompristi wami, ngiyakukunika izinhlamvu eziyishumi zesiliva ngomnyaka, nesambatho, nokudla kwakho.” UmLevi wangena.
11 UmLevi wavuma ukuhlala kulowo muntu; nensizwa yaba kuye njengendodana yakhe.
12 UMika wayesahlukanisela umLevi, leyo nsizwa yaba ngumpristi wakhe, yahlala endlini kaMika.
13 Wayesethi uMika: “Manje sengiyazi ukuthi uJehova uyakungenzela okuhle, lokhu nginomLevi ongumpristi wami.”