1 Kwathi ngalezo zinsuku kungekho inkosi kwa-Israyeli, kwakukhona umLevi othile owayegogobele ohlangothini olungasemuva kwezintaba zakwa-Efrayimi, owazithathela isancinza eBetlehema Juda.
2 Isancinza sakhe samgilela ubufebe, sasuka kuye, saya endlini kayise eBetlehema Juda, sahlala khona isikhathi esiyizinyanga ezine.
3 Umyeni waso wasuka, wasilandela ukuba akhulume kuyo inhliziyo yaso, asibuyise, enenceku yakhe nezimbongolo ezimbili; samngenisa endlini kayise; lapho uyise wentombi embona, wathokoza ukuhlangana naye.
4 Umukhwe wakhe, uyise wentombi, wambambezela, wahlala kuye izinsuku ezintathu; badla, baphuza, bahlala khona.
5 Kwathi ngosuku lwesine bavuka ekuseni kakhulu, wasuka ukuba ahambe; uyise wentombi wathi kumkhwenyana wakhe: “Hlumelela inhliziyo yakho ngocezu lwesinkwa, andukuba nihambe.”
6 Bahlala phansi, badla, baphuza bobabili kanyekanye; uyise wentombi wathi kuyo indoda: “Ake udele, ulale ubusuku, ithokoze inhliziyo yakho.”
7 Kepha lowo muntu wasukuma nokho ukuba ahambe; wayesemncengisisa umukhwe wakhe, wabuye walala khona.