26 Owesifazane wayesefika ngovivi lokusa, wawa ngasemnyango wendlu yomuntu, lapho yayikhona inkosi yakhe, kwaze kwakhanya.
27 Inkosi yakhe yavuka ekuseni, yavula iminyango yendlu, yaphuma ukuba ihambe indlela yayo; bheka, owesifazane, isancinza sakhe, wayewile ngasemnyango wendlu, izandla zakhe ziphezu kombundu.
28 Yathi kuye: “Vuka sihambe,” kepha akuphendulanga muntu. Yayisimbeka embongolweni yayo; wasuka lowo muntu, waya endaweni yakhe.
29 Lapho esengenile endlini yakhe, wathatha umese, wabamba isancinza sakhe, wasihlahlela ithambo ngethambo, kwaba yizinqamu eziyishumi nambili, wasithuma emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli.
30 Kwathi bonke abakubonayo bathi: “Akuzange kwenziwe okunjalo, akuzange kubonwe kusukela osukwini abantwana bakwa-Israyeli abakhuphuka ngalo ezweni laseGibithe kuze kube namuhla; zindlani ngalokho, nilulekane, nikhulume.”