7 Abantu bamkhonza uJehova izinsuku zonke zikaJoshuwa nezinsuku zonke zamalunga asalayo emva kukaJoshuwa, ayebonile wonke umsebenzi omkhulu ayewenzele u-Israyeli.
8 UJoshuwa indodana kaNuni, inceku kaJehova, wafa eneminyaka eyikhulu neshumi.
9 Bammbela emkhawulweni wefa lakhe eThimnati Heresi ezintabeni zakwa-Efrayimi ngasenyakatho kwentaba yakwaGahashi.
10 Naso sonke leso sizukulwane sabuthelwa koyise; savela esinye isizukulwane emva kwaso esasingamazi uJehova nomsebenzi ayewenzele u-Israyeli.
11 Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bakhonza oBali;
12 bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, balandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu ababebazungeza, babakhothamela, bamcunula uJehova.
13 Bamshiya-ke uJehova, bakhonza oBali no-Ashitaroti.