8 Bathi: “Yisiphi kuzo izizwe zakwa-Israyeli esingakhuphukelanga kuJehova eMispa na?” Bheka, akufikanga muntu ekamu* ovela eJabeshi Gileyadi ukuya ebandleni.
9 Sebebalwa abantu; bheka, kwakungekho muntu kwabakhile eJabeshi Gileyadi lapho.
10 Inhlangano yathuma khona abantu abayizinkulungwane eziyishumi nambili abangamaqhawe amakhulu, yabayala yathi: “Hambani nibabulale abakhe eJabeshi Gileyadi ngosiko lwenkemba kanye nabesifazane nezingane.
11 Yilokhu eniyakukwenza: Niyakuchitha nokuchitha bonke abesilisa nabo bonke abesifazane abake balala nendoda.”
12 Bafumana phakathi kwabakhileyo eJabeshi Gileyadi izintombi ezintsha ezingamakhulu amane ezingazanga ndoda ngokulala nayo; baziyisa ekamu* eShilo elisezweni laseKhanani.
13 Yonke inhlangano yathuma yakhuluma kubantwana bakwaBenjamini ababesedwaleni lakwaRimoni, yamemezela ukuthula kubo.
14 UBenjamini wabuya ngaleso sikhathi; babanika abesifazane ababebasindisile kwabesifazane baseJabeshi Gileyadi; kepha ababanelanga.