10 UMoya kaJehova wayephezu kwakhe, wahlulela u-Israyeli, waphuma impi, uJehova wanikela uKushani Rishatayimi inkosi yase-Aramu Naharayimi esandleni sakhe; isandla sakhe samahlula uKushani Rishatayimi.
11 Izwe lase liba nokuthula iminyaka engamashumi amane. Wafa u-Otheniyeli indodana kaKenazi.
12 Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wamnika u-Egiloni inkosi yakwaMowabi amandla phezu kuka-Israyeli, lokhu benze okubi emehlweni kaJehova.
13 Wazibuthela abantwana bakwa-Amoni nabakwa-Amaleki, waya wachitha u-Israyeli, badla umuzi wamasundu.
14 Abantwana bakwa-Israyeli bamkhonza u-Egiloni inkosi yakwaMowabi iminyaka eyishumi nesishiyagalombili.
15 Kepha abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, uJehova wabavusela umsindisi, u-Ehudi indodana kaGera, umBenjamini, umuntu oyinxele; abantwana bakwa-Israyeli bathuma isipho ngaye ku-Egiloni inkosi yakwaMowabi.
16 U-Ehudi wazenzela inkemba ebukhali izinsiko zombili, ubude bayo buyingalo, wayibhinca phansi kwengubo yakhe ethangeni lokunene.