1 Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova, esefile u-Ehudi.
2 UJehova wathengisa ngabo esandleni sikaJabini inkosi yaseKhanani, owabusa eHasori, onduna yempi yakhe yayinguSisera owahlala eHarosheti labezizwe.
3 Abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, ngokuba wayenezinqola ezingamakhulu ayisishiyagalolunye zensimbi; wacindezela kakhulu abantwana bakwa-Israyeli iminyaka engamashumi amabili.
4 UDebora umprofethikazi, umkaLapidoti, wahlulela u-Israyeli ngaleso sikhathi.
5 Wayehlala phansi kwesundu likaDebora phakathi kweRama neBethele ezintabeni zakwa-Efrayimi; abantwana bakwa-Israyeli bakhuphukela kuye ukuba bahlulelwe.
6 Wathuma wabiza uBaraki indodana ka-Abinohama waseKedeshi Nafetali, wathi kuye: “UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akayalanga yini ngokuthi: ‘Hamba usondele entabeni yaseThabori, uye nabantu abayizinkulungwane eziyishumi babantwana bakwaNafetali nabantwana bakwaZebuloni, na?
7 Ngiyakusondeza kuwe emfudlaneni iKishoni uSisera induna yempi kaJabini, nezinqola zakhe, nesixuku sakhe, ngimnikele esandleni sakho.’ ”