8 UBaraki wathi kuye: “Uma uhamba nami, ngiyakuhamba; kepha uma ungahambi nami, angiyikuhamba.”
9 Wathi kuye: “Impela ngiyakuhamba nawe, kodwa indlela oyakuhamba ngayo ayiyikuba ngeyodumo lwakho, ngokuba uJehova uyakumthengisa uSisera esandleni sowesifazane.” Wayesesuka uDebora, wahamba noBaraki, baya eKedeshi.
10 UBaraki wabiza oZebuloni noNafetali ukuba beze eKedeshi; kwakhuphuka abantu abayizinkulungwane eziyishumi ezinyathelweni zakhe; naye uDebora wakhuphuka naye.
11 Kepha uHebere umKheni wayezahlukanisile namaKheni, abantwana bakwaHobabi umukhwe kaMose, wamisa itende lakhe kwaze kwaba se-okini* laseShananimi eliseduze neKedeshi.
12 Bamtshela uSisera ukuthi uBaraki indodana ka-Abinohama ukhuphukele entabeni yaseThabori.
13 USisera wayesebutha zonke izinqola zakhe, izinqola ezingamakhulu ayisishiyagalolunye zensimbi, nabantu bonke ababenaye, kusukela eHarosheti labezizwe kuze kube semfudlaneni iKishoni.
14 UDebora wathi kuBaraki: “Vuka, ngokuba yilolu suku uJehova anikele ngalo uSisera esandleni sakho; uJehova akaphumanga phambi kwakho na?” UBaraki wehla entabeni yaseThabori nabantu abayizinkulungwane eziyishumi emva kwakhe.