10 “Nina enigibela izimbongoloezimhlophe,nina enihlezi emacansini,nani enihamba ngendlela, kulandeni.
11 Ekwahlukaniseni impango phakathikwemiqengqe yamanzibalanda khona izenzo ezilungileyo zikaJehova,ukulunga kokubusa kwakhe kwa-Israyeli;khona abantu bakaJehova behlela emasangweni.
12 “ ‘Vuka, vuka, Debora!Vuka, vuka, uhube ihubo!Vuka, Baraki, uthumbe abathunjwa bakho,wena ndodana ka-Abinohama!’
13 “Khona wayenza insali ukuba ibuseabakhulu;abantu bakaJehova bangibeka ukuba ngibuse iziqhwaga.
14 Kwavela kwa-Efrayimi abampande yabo ikuma-Amaleki;emva kwakho nguBenjamini phakathi kwabantu bakho.KwaMakiri kwavela ababusi,kwaZebuloni abaphethe intonga yomholi.
15 Izikhulu zakwa-Isakare zazinayeuDebora;njengo-Isakare, kanjalo noBaraki;behlela ngokushesha esigodini ezinyathelweni zakhe.Ngaseminonjaneni yakwaRubenikwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo.
16 Wahlalelani ezibayeni zezimvuukuzwa ikhwelo lemihlambi na?Ngaseminonjaneni yakwaRubenikwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo.