17 UGileyadi wahlala phesheyakweJordani;uDani walibalelani emikhunjini na?U-Asheri wahlala ngasogwini lolwandle,wasala ngasemathekwini akhe.
18 UZebuloni wayengabantu abazidelakwaze kwaba sekufeni,uNafetali kanjalo ezindaweni eziphakemeyo zezwe.
19 “Amakhosi afika alwa,alwa amakhosi aseKhananieThahanaki ngasemanzini aseMegido;awathathanga nzuzo yamali.
20 Kwaliwa ezulwini;izinkanyezi ezindleleni zazo zalwa noSisera.
21 Umfudlana iKishoni wabakhukhula,umfudlana wamandulo, umfudlana iKishoni.Awu, mphefumulo wami, nyathela ngamandla.
22 Khona zadubuza izinselo zamahhashingokugadula, ukugadula kwezinkweli zawo.
23 ‘Qalekisani iMerozi,’ kwasho ingelosikaJehova;‘qalekisani nokuqalekisa abantu balo,ngokuba abezanga ukumsiza uJehovaukuba bamsize uJehova ukulwa neziqhwaga.’