21 Umfudlana iKishoni wabakhukhula,umfudlana wamandulo, umfudlana iKishoni.Awu, mphefumulo wami, nyathela ngamandla.
22 Khona zadubuza izinselo zamahhashingokugadula, ukugadula kwezinkweli zawo.
23 ‘Qalekisani iMerozi,’ kwasho ingelosikaJehova;‘qalekisani nokuqalekisa abantu balo,ngokuba abezanga ukumsiza uJehovaukuba bamsize uJehova ukulwa neziqhwaga.’
24 “Uyakubusiswa phezu kwabesifazaneuJayeliumkaHebere umKheni,abusiswe phezu kwabesifazane basematendeni.
25 Wacela amanzi, wamupha ubisi,wamlethela amangqanga ngesitsha samakhosi.
26 Wafaka isandla sakheesikhonkwaneni,esokunene sakhe esandweni sezisebenzi;ngesando wamshaya uSisera,wadebeza ikhanda lakhe,yebo, wamgqobhoza, wambhoboza esikhaleni sendlebe.
27 Wakhothama ngasezinyaweni zakhe,wawa, walala;ngasezinyaweni zakhe wafola, wawa;lapho wakhothama khona, wawela khona efile.