11 UGideyoni wenyuka ngendlela yabahlala ematendeni ngasempumalanga kwaseNoba neJogibeha, wanqoba impi, impi yayithi ilondekile.
12 OZeba noSalimuna babaleka, wabaxosha; wawabamba amakhosi omabili akwaMidiyani, oZeba noSalimuna, wachitha impi yonke.
13 UGideyoni indodana kaJowashi wabuya empini ngasekwenyukeni kweHeresi.
14 Wabamba insizwa yabantu baseSukoti, wabuza kuyo; yona yamlobela izikhulu zaseSukoti namalunga alo, abantu abangamashumi ayisikhombisa nesikhombisa.
15 Wayesefika kubantu baseSukoti, wathi: “Bhekani oZeba noSalimuna enangiswabulela ngabo, nathi: ‘Izandla zikaZeba noSalimuna sezisesandleni sakho ukuba siphe amadoda akho ayethileyo isinkwa na?’ ”
16 Wayesebamba amalunga omuzi, nameva asehlane, namazinyo ezinqola zokubhula, wagalela ngawo abantu baseSukoti.
17 Wawubhidliza umbhoshongo wasePhenuweli, wabulala abantu bomuzi.