2 Wathi kubo: “Ngenzeni mina, uma kulinganiswa nokwenu na? Ukukhothoza kwabakwa-Efrayimi akukuhle yini kunokuvuna umvini kwama-Abiyezeri na?
3 UNkulunkulu unikele esandleni senu izikhulu zakwaMidiyani, o-Orebi noZebi; mina benginamandla okwenzani, uma kulinganiswa nokwenu, na?” Kwase kubohla ukuthukuthela kwabo ngaye, eseshilo lokho.
4 UGideyoni wafika eJordani, wawela, yena namadoda angamakhulu amathathu ayenaye, eyethile, esaxosha nokho.
5 Wayesethi kubantu baseSukoti: “Ake niphe abantu abangilandelayo izinkwa, ngokuba bayethile, ngisaxosha oZeba noSalimuna amakhosi akwaMidiyani.”
6 Izikhulu zaseSukoti zathi: “Izandla zikaZeba noSalimuna sezisesandleni sakho ukuba siphe impi yakho isinkwa na?”
7 UGideyoni wathi: “Ngalokho nxa uJehova enikele oZeba noSalimuna esandleni sami, ngiyakuklebhula inyama yenu ngameva asehlane nangamazinyo ezinqola zokubhula.”
8 Wenyuka lapho, waya ePhenuweli, wakhuluma kubo ngokunjalo; abantu basePhenuweli bamphendula njengabantu baseSukoti bebephendulile.