21 Base bethi oZeba noSalimuna: “Suka wena, usihlasele, ngokuba njengendoda anjalo amandla ayo.” Wayesesuka uGideyoni, wababulala oZeba noSalimuna, wathatha izimbedu ezinjengenyanga ezazisezintanyeni zamakamela abo.
22 Abantu bakwa-Israyeli bathi kuGideyoni: “Sibuse, wena nendodana yakho, nendodana yendodana yakho futhi, ngokuba usisindisile esandleni sakwaMidiyani.”
23 UGideyoni wathi kubo: “Angiyikunibusa, nendodana yami ayiyikunibusa; nguJehova oyakunibusa.”
24 UGideyoni wathi kubo: “Mangicele okuthile kini ukuba ninginike, kube yilowo nalowo amacici empango yakhe.” Babenamacici egolide, lokhu bebengabakwa-Ishmayeli.
25 Bathi: “Siyakukunika wona impela.” Beneka ingubo, baphonsa khona, kwaba yilowo nalowo amacici empango yakhe.
26 Isisindo samacici egolide awacelayo sasingamashekeli* ayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa egolide, ngaphandle kwezimbedu ezinjengenyanga, neziqhaza, nezingubo ezibubende ezazembethwe ngamakhosi akwaMidiyani, nangaphandle kwamaketanga ayesezintanyeni zamakamela awo.
27 UGideyoni wenza ingubo yamahlombe ngakho, wayibeka emzini wakhe e-Ofira; bonke abakwa-Israyeli baya baphinga nayo khona; yaba lugibe kuGideyoni nendlu yakhe.