24 UGideyoni wathi kubo: “Mangicele okuthile kini ukuba ninginike, kube yilowo nalowo amacici empango yakhe.” Babenamacici egolide, lokhu bebengabakwa-Ishmayeli.
25 Bathi: “Siyakukunika wona impela.” Beneka ingubo, baphonsa khona, kwaba yilowo nalowo amacici empango yakhe.
26 Isisindo samacici egolide awacelayo sasingamashekeli* ayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa egolide, ngaphandle kwezimbedu ezinjengenyanga, neziqhaza, nezingubo ezibubende ezazembethwe ngamakhosi akwaMidiyani, nangaphandle kwamaketanga ayesezintanyeni zamakamela awo.
27 UGideyoni wenza ingubo yamahlombe ngakho, wayibeka emzini wakhe e-Ofira; bonke abakwa-Israyeli baya baphinga nayo khona; yaba lugibe kuGideyoni nendlu yakhe.
28 AbakwaMidiyani bathotshiswa kanjalo phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, ababe besaphakamisa amakhanda abo. Izwe lathula iminyaka engamashumi amane ezinsukwini zikaGideyoni.
29 UJerubali* indodana kaJowashi waya wahlala endlini yakhe.
30 UGideyoni wayenamadodana angamashumi ayisikhombisa aphuma okhalweni lwakhe, ngokuba wayenabafazi abaningi.