27 UGideyoni wenza ingubo yamahlombe ngakho, wayibeka emzini wakhe e-Ofira; bonke abakwa-Israyeli baya baphinga nayo khona; yaba lugibe kuGideyoni nendlu yakhe.
28 AbakwaMidiyani bathotshiswa kanjalo phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, ababe besaphakamisa amakhanda abo. Izwe lathula iminyaka engamashumi amane ezinsukwini zikaGideyoni.
29 UJerubali* indodana kaJowashi waya wahlala endlini yakhe.
30 UGideyoni wayenamadodana angamashumi ayisikhombisa aphuma okhalweni lwakhe, ngokuba wayenabafazi abaningi.
31 Isancinza sakhe esasiseShekemi naso samzalela indodana, sayiqamba igama lokuthi u-Abimeleki.
32 UGideyoni indodana kaJowashi wafa esemdala, wembelwa ethuneni likaJowashi uyise e-Ofira lama-Abiyezeri.
33 Kwathi esefile uGideyoni, abantwana bakwa-Israyeli babuye baphinga nawoBali, bamenza uBali Beriti unkulunkulu wabo.