29 UJerubali* indodana kaJowashi waya wahlala endlini yakhe.
30 UGideyoni wayenamadodana angamashumi ayisikhombisa aphuma okhalweni lwakhe, ngokuba wayenabafazi abaningi.
31 Isancinza sakhe esasiseShekemi naso samzalela indodana, sayiqamba igama lokuthi u-Abimeleki.
32 UGideyoni indodana kaJowashi wafa esemdala, wembelwa ethuneni likaJowashi uyise e-Ofira lama-Abiyezeri.
33 Kwathi esefile uGideyoni, abantwana bakwa-Israyeli babuye baphinga nawoBali, bamenza uBali Beriti unkulunkulu wabo.
34 Abantwana bakwa-Israyeli babengakhumbuli uJehova uNkulunkulu wabo owabophula esandleni sezitha zonke zabo nxazonke.
35 Abenzanga umusa kuyo indlu kaJerubali* onguGideyoni njengakho konke okuhle ayekwenzile ku-Israyeli.