8 Wenyuka lapho, waya ePhenuweli, wakhuluma kubo ngokunjalo; abantu basePhenuweli bamphendula njengabantu baseSukoti bebephendulile.
9 Wakhuluma nakubo abantu basePhenuweli, wathi: “Ekubuyeni kwami ngiphilile ngizakubhidliza lo mbhoshongo.”
10 OZeba noSalimuna babeseKarkori, izimpi zabo zinabo kungathi abantu abayizinkulungwane eziyishumi nanhlanu, bonke ababesele empini yonke yabasempumalanga, ngokuba kwakuwile abantu abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abahloma inkemba.
11 UGideyoni wenyuka ngendlela yabahlala ematendeni ngasempumalanga kwaseNoba neJogibeha, wanqoba impi, impi yayithi ilondekile.
12 OZeba noSalimuna babaleka, wabaxosha; wawabamba amakhosi omabili akwaMidiyani, oZeba noSalimuna, wachitha impi yonke.
13 UGideyoni indodana kaJowashi wabuya empini ngasekwenyukeni kweHeresi.
14 Wabamba insizwa yabantu baseSukoti, wabuza kuyo; yona yamlobela izikhulu zaseSukoti namalunga alo, abantu abangamashumi ayisikhombisa nesikhombisa.