16 “Ngalokho uma nenzile ngeqiniso nangobuqotho lapho nimbeka u-Abimeleki inkosi, uma nimphathile kahle uJerubali* nendlu yakhe, nenza kuye njengokufanele izandla zakhe
17 ngokuba ubaba wanilwela wazidela, wanophula esandleni sabakwaMidiyani;
18 kepha niyivukele namuhla indlu kababa, nibulele amadodana akhe, abantu abangamashumi ayisikhombisa etsheni linye, nimbekile u-Abimeleki indodana yesigqilakazi sakhe inkosi yabaseShekemi ngokuba engumfowenu;
19 uma nimphathile kahle uJerubali* nendlu yakhe namuhla, thokozani ngo-Abimeleki, naye athokoze ngani;
20 kepha uma kungenjalo, makuphume umlilo ku-Abimeleki, uqede abantu baseShekemi neBeti Milo, umlilo uphume nakubantu baseShekemi naseBeti Milo, umqede u-Abimeleki.”
21 UJothamu wayesebaleka, weqa, waya eBeri, wahlala khona ngenxa ka-Abimeleki umfowabo.
22 U-Abimeleki wayeyisikhulu phezu kuka-Israyeli iminyaka emithathu.