21 UJothamu wayesebaleka, weqa, waya eBeri, wahlala khona ngenxa ka-Abimeleki umfowabo.
22 U-Abimeleki wayeyisikhulu phezu kuka-Israyeli iminyaka emithathu.
23 UNkulunkulu wathuma umoya omubi phakathi kuka-Abimeleki nabantu baseShekemi; abaseShekemi bambhumbuluza u-Abimeleki
24 ukuba ubudlova obenziwe kuwo amadodana angamashumi ayisikhombisa kaJerubali* bufike, negazi labo libekwe phezu kuka-Abimeleki umfowabo owababulala, naphezu kwabaseShekemi abaqinisa izandla zakhe ukuba abulale abafowabo.
25 AbaseShekemi bambekela abaqamekeli eziqongweni zezintaba, baphanga bonke ababedlula kubo ngaleyo ndlela; kwabikwa ku-Abimeleki.
26 Kwafika uGali indodana ka-Ebedi nabafowabo, waya eShekemi; abaseShekemi bamethemba.
27 Baya endle, bavuna izivini zabo, banyathela imivini, bagubha umkhosi, bangena endlini kankulunkulu wabo, badla, baphuza, bamqalekisa u-Abimeleki.