37 UGali wabuye wakhuluma, wathi: “Bheka, kwehla abantu eNkabeni yezwe, esinye isigaba sifika ngendlela ye-oki* lokuhlola imihlola.”
38 UZebule wayesethi kuye: “Uphi manje umlomo wakho ukuba uthi: ‘Ngubani u-Abimeleki ukuba simkhonze na?’ Akusibo labo bantu obadeleleyo na? Ake uphume manje, ulwe nabo.”
39 UGali waphuma phambi kwabantu baseShekemi, walwa no-Abimeleki.
40 U-Abimeleki wamxosha, wabaleka phambi kwakhe, kwawa abaningi bekhutshaziwe kwaze kwaba sesikhaleni sesango.
41 U-Abimeleki wahlala e-Aruma; uZebule wamxosha uGali nabafowabo ukuba bangahlali eShekemi.
42 Kwathi ngangomuso abantu baya endle, bamtshela u-Abimeleki.
43 Wathatha abantu, wabahlukanisela izigaba ezintathu, waqamekela endle; wabheka, nampa abantu bephuma emzini; wabavukela, wababulala.