40 U-Abimeleki wamxosha, wabaleka phambi kwakhe, kwawa abaningi bekhutshaziwe kwaze kwaba sesikhaleni sesango.
41 U-Abimeleki wahlala e-Aruma; uZebule wamxosha uGali nabafowabo ukuba bangahlali eShekemi.
42 Kwathi ngangomuso abantu baya endle, bamtshela u-Abimeleki.
43 Wathatha abantu, wabahlukanisela izigaba ezintathu, waqamekela endle; wabheka, nampa abantu bephuma emzini; wabavukela, wababulala.
44 U-Abimeleki nezigaba ezazinaye zadumela, zema esikhaleni sesango lomuzi; izigaba zombili zadumela bonke abasendle, zababulala.
45 U-Abimeleki walwa nomuzi lonke lolo suku; wawuthatha umuzi, wabulala abantu ababekuwo, wawubhidliza umuzi, wahlwanyela usawoti kuwo.
46 Lapho bezwa lokho bonke abasembhoshongweni waseShekemi, bangena enqabeni yendlu yase-Eli Beriti.