43 Wathatha abantu, wabahlukanisela izigaba ezintathu, waqamekela endle; wabheka, nampa abantu bephuma emzini; wabavukela, wababulala.
44 U-Abimeleki nezigaba ezazinaye zadumela, zema esikhaleni sesango lomuzi; izigaba zombili zadumela bonke abasendle, zababulala.
45 U-Abimeleki walwa nomuzi lonke lolo suku; wawuthatha umuzi, wabulala abantu ababekuwo, wawubhidliza umuzi, wahlwanyela usawoti kuwo.
46 Lapho bezwa lokho bonke abasembhoshongweni waseShekemi, bangena enqabeni yendlu yase-Eli Beriti.
47 Kwabikwa ku-Abimeleki ukuthi bonke abasembhoshongweni waseShekemi babehlangene ndawonye.
48 U-Abimeleki wenyukela entabeni yaseSalimoni, yena nabantu bonke ababenaye; u-Abimeleki wathatha izembe ngesandla, wagawula igatsha emithini, walithatha, walibeka ehlombe, wathi kubantu ababenaye: “Lokho eningibone ngikwenza, sheshani nikwenze njengami.”
49 Bonke abantu bagawula, kwaba yilowo nalowo igatsha lakhe kanjalo, bamlandela u-Abimeleki, bawabeka enqabeni, bayithungela inqaba ngomlilo phezu kwabo; bafa bonke abantu abasembhoshongweni waseShekemi, kungathi abayinkulungwane, abesilisa nabesifazane.