5 Waya endlini kayise e-Ofira, wabulala abafowabo, amadodana kaJerubali,* abantu abangamashumi ayisikhombisa etsheni linye, kepha kwasala uJothamu indodana encinyane kaJerubali, ngokuba wacasha.
6 Bonke abantu baseShekemi bahlangana nabo bonke abaseBeti Milo, baya bambeka u-Abimeleki inkosi ngase-okini* letshe lesikhumbuzo elaliseShekemi.
7 Lapho kubikwa lokho kuJothamu, waya wema esiqongweni sentaba yaseGerizimu, waphakamisa izwi lakhe, wamemeza, wathi kubo: “Ngilaleleni nina bantu baseShekemi ukuba uNkulunkulu anilalele nina.
8 Imithi yake yaya ukuzigcobela inkosi, yathi kuwo umnqumo: ‘Yiba yinkosi yethu.’
9 “Kepha umnqumo wathi kuyo: ‘Ngiyakuwayeka yini amafutha ami abadunyiswa ngawo onkulunkulu nabantu, ngiye ngintengantenge phezu kwemithi, na?’
10 “Imithi yayisithi kuwo umkhiwane: ‘Woza wena, ube yinkosi yethu.’
11 “Kepha umkhiwane wathi kuyo: ‘Ngiyakubuyeka yini ubumnandi bami nezithelo zami ezinhle, ngiye ngintengantenge phezu kwemithi, na?’