Udaniyeli 4:31-37 ZUL59

31 Izwi lisesemlonyeni wenkosi, kwehla ezulwini izwi, lithi: “We nkosi Nebukadinesari, kukhulunyiwe kuwe ukuthi: Umbuso usukile kuwe;

32 uyakuxoshwa kubantu, inhlalo yakho ibe nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, kudlule phezu kwakho izikhathi eziyisikhombisa, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.”

33 Ngasona leso sikhathi le nto yagcwaliseka phezu kukaNebukadinesari: waxoshwa kubantu, wadliswa utshani njengezinkabi, umzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu, zaze zakhula izinwele zakhe njengezimpaphe zezinkozi nezinzipho zakhe njengamazipho ezinyoni.

34 Ngasekugcineni kwezinsuku mina Nebukadinesari ngaphakamisa amehlo ami ezulwini, nomqondo wami wabuyela kimi, ngambonga oPhezukonke, ngamdumisa, ngamtusa yena ohlezi phakade.Ngokuba ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade,nombuso wakhe ungowezizukulwane ngezizukulwane;

35 bonke abakhe emhlabeni bashaywa ize;uyenza njengentando yakhe empini yasezulwininaphakathi kwabakhileyo emhlabeni;akakho ongavimbela isandla sakhe,noma athi kuye: “Wenzani na?”

36 Ngasona leso sikhathi wabuyela kimi umqondo wami, nobukhosi bami nokucwebezela kwami kwabuyela kimi, kwaba ludumo lombuso wami; abomkhandlu bami nezinduna zami bangifuna; ngase ngibekwa embusweni wami, ngenezelwa ubukhulu obudluleleyo.

37 Kalokhu-ke mina Nebukadinesari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngiyidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingukwahlulela; abahamba ngokuzidla inamandla okubathobisa.