15 uJehova aze aphumuze abafowenu njengani, nabo badle izwe uJehova uNkulunkulu wenu abanika lona, andukuba nibuyele ezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, nilidle.”
16 Bamphendula uJoshuwa, bathi: “Konke osiyale ngakho siyakukwenza; nomaphi lapho usithuma khona, siyakuya khona.
17 Njengalokho samlalela kukho konke, kanjalo siyakulalela wena; kepha, kuphela uJehova uNkulunkulu wakho, makabe kuwe njengalokho wayenoMose.
18 Yilowo nalowo oyakuhlubuka ezwini lakho, angalaleli amazwi akho kukho konke omyala ngakho, uyakubulawa; qina kuphela, ume isibindi.”