Ujoshuwa 12 ZUL59

Amagama amakhosi anqotshiweyo

1 Lawa angamakhosi ezwe anqotshwa ngabantwana bakwa-Israyeli, belidla izwe lawo ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, kusukela esigodini sase-Arinoni kuze kube sentabeni yaseHermoni, nalo lonke i-Araba ngasempumalanga:

2 uSihoni inkosi yama-Amori owayehlala eHeshiboni, ebusa kusukela e-Aroweri eliseceleni kwesigodi sase-Arinoni, naphakathi nesigodi, nenxenye yakwaGileyadi, kuze kube semfuleni iJaboki, umkhawulo wabantwana bakwa-Amoni,

3 ne-Araba kuze kufike elwandle lwaseKinereti ngasempumalanga, kuze kube seLwandle lwase-Araba, uLwandle Lukasawoti, ngasempumalanga endleleni eya eBeti Jeshimoti nangaseningizimu ngaphansi kwemithambeka yasePisiga;

4 futhi izwe lika-Ogi inkosi yaseBashani, owensali yamaRefa, owahlala e-Ashitaroti nase-Edireyi,

5 ebusa entabeni yaseHermoni, naseSaleka, nakulo lonke iBashani kuze kube semkhawulweni wamaGeshuri nowamaMahakhati, nenxenye yakwaGileyadi, umkhawulo kaSihoni inkosi yaseHeshiboni.

6 UMose inceku kaJehova nabantwana bakwa-Israyeli babebabulele; uMose inceku kaJehova wabanika lona abakwaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, laba yifa labo.

7 Lawa angamakhosi ezwe anqotshwa nguJoshuwa nangabantwana bakwa-Israyeli ngaphesheya kweJordani ngasentshonalanga, kusukela eBali Gadi esigodini saseLebanoni kuze kufike entabeni yaseHalaki eyenyukela eSeyiri, uJoshuwa walinika izizwe zakwa-Israyeli libe yifa ngokwezabelo zabo

8 ezintabeni, nasemathafeni, nase-Araba, nasemithambekeni, nasehlane, naseningizimu: amaHeti, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi:

9 inkosi yaseJeriko: inye;inkosi yase-Ayi elingaseceleni kweBethele: inye;

10 inkosi yaseJerusalema: inye;inkosi yaseHebroni: inye;

11 inkosi yaseJarimuthi: inye;inkosi yaseLakishi: inye;

12 inkosi yase-Egiloni: inye;inkosi yaseGezeri: inye;

13 inkosi yaseDebiri: inye;inkosi yaseGederi: inye;

14 inkosi yaseHorma: inye;inkosi yase-Aradi: inye;

15 inkosi yaseLibina; inye;inkosi yase-Adulamu: inye;

16 inkosi yaseMakheda: inye;inkosi yaseBethele: inye;

17 inkosi yaseTaphuwa: inye;inkosi yaseHeferi: inye;

18 inkosi yase-Afeki: inye;inkosi yaseLasharoni: inye;

19 inkosi yaseMadoni: inye;inkosi yaseHasori: inye;

20 inkosi yaseShimroni Meroni: inye;inkosi yase-Akishafu: inye;

21 inkosi yase Thahanaki: inye;inkosi yaseMegido: inye;

22 inkosi yaseKedeshi: inye;inkosi yaseJokineyamu eKarmeli: inye;

23 inkosi yaseDori egqumeni laseDori: inye;inkosi yaseGoyimi eGiligali: inye;

24 inkosi yaseTirisa: inye;onke amakhosi ayengamashumi amathathu nanye.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24