1 Kwathi lapho u-Adoni Sedeki inkosi yaseJerusalema esezwile ukuthi uJoshuwa uthathile i-Ayi, waliqeda nya njengalokho ebenzile kulo iJeriko nenkosi yalo, wayenze njalo kulo i-Ayi nenkosi yalo nokuthi abakhileyo eGibeyoni benzile ukuthula no-Israyeli, baba phakathi kwabo,
2 besaba kakhulu, ngokuba iGibeyoni lalingumuzi omkhulu njengomunye wemizi yamakhosi nangokuba lalilikhulu kune-Ayi, onke amadoda alo engamaqhawe.
3 Ngalokho u-Adoni Sedeki inkosi yaseJerusalema wathumela kuHohamu inkosi yaseHebroni, nakuPiramu inkosi yaseJarimuthi, nakuJafiya inkosi yaseLakishi, nakuDebiri inkosi yase-Egiloni, wathi:
4 “Khuphukelani kimi, ningisize sichithe iGibeyoni, ngokuba lenzile ukuthula noJoshuwa nabantwana bakwa-Israyeli.”
5 Ngalokho amakhosi ayisihlanu ama-Amori, inkosi yaseJerusalema, nenkosi yaseHebroni, nenkosi yaseJarimuthi, nenkosi yaseLakishi, nenkosi yase-Egiloni, ahlangana, akhuphuka, wona nawo onke amabandla awo, amisa malungana neGibeyoni, alwa nalo.
6 Amadoda aseGibeyoni athumela kuJoshuwa ekamu* laseGiligali, athi: “Ungayekethisi isandla sakho ezincekwini zakho; shesha ukhuphukele kithi usisindise, usisize, ngokuba onke amakhosi ama-Amori akhile ezintabeni asihlanganyele.”
7 UJoshuwa wayesekhuphuka eGiligali, yena nabo bonke abantu bempi kanye naye, nawo onke amaqhawe anamandla.