13 Lase lima ilanga, nenyanga yahlala,abantu baze baziphindisela ezitheni zabo.Akulotshiwe yini lokho eNcwadini Yolungileyo na? Ilanga lema phakathi nomkhathi, alisheshanga ukushona kungathi usuku lonke.
14 Aluzange lube khona usuku olunjengalo ngaphambi kwalo noma ngasemva kwalo lokuba uJehova alilalele izwi lomuntu, ngokuba uJehova wamlwela u-Israyeli.
15 UJoshuwa wabuyela ekamu* laseGiligali, bonke abakwa-Israyeli benaye.
16 Lawo makhosi omahlanu abaleka, acasha emhumeni waseMakheda.
17 Kwabikwa kuJoshuwa ukuthi: “Lawo makhosi omahlanu afunyanisiwe ecashile emhumeni waseMakheda.”
18 UJoshuwa wathi: “Gingqelani amatshe amakhulu emlonyeni womhume, nibeke amadoda ngakuwo ukuba awalinde;
19 kepha ningemi nina; xoshani izitha zenu, nibulale ezingasemuva, ningazivumeli ukuba zingene emizini yazo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu uzinikele esandleni senu.”