19 kepha ningemi nina; xoshani izitha zenu, nibulale ezingasemuva, ningazivumeli ukuba zingene emizini yazo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu uzinikele esandleni senu.”
20 Kwathi lapho uJoshuwa nabantwana bakwa-Israyeli sebeqedile ukubaceka ngokuceka okukhulu kakhulu baze baqedwa, insali yabo nokho isingenile emizini ebiyelweyo,
21 bonke abantu babuyela ekamu* kuJoshuwa eMakheda ngokuthula, akwabakho onyakazisa ulimi lwakhe ngomuntu wabantwana bakwa-Israyeli.
22 Wayesethi uJoshuwa: “Vulani umlomo womhume, nikhiphele kimi lawo makhosi omahlanu emhumeni.”
23 Benze njalo-ke; bawakhiphela kuye lawo makhosi omahlanu emhumeni: inkosi yaseJerusalema, nenkosi yaseHebroni, nenkosi yaseJarimuthi, nenkosi yaseLakishi, nenkosi yase-Egiloni.
24 Kwathi lapho bekhiphela kuJoshuwa lawo makhosi, uJoshuwa wabiza onke amadoda akwa-Israyeli, wathi ezinduneni zamadoda empi ezazihamba naye: “Sondelani, nibeke izinyawo zenu ezintanyeni zalawa makhosi.” Zasondela-ke, zabeka izinyawo zazo ezintanyeni zawo.
25 UJoshuwa wathi kuzo: “Ningesabi, ningabi naluvalo; qinani, nime isibindi, ngokuba uJehova uyakwenza kanjalo kuzo zonke izitha zenu enilwa nazo.”