26 Ngasemuva uJoshuwa wawagenca, wawabulala, wawaphanyeka emithini eyisihlanu, alenga emithini kwaze kwahlwa.
27 Kwathi ngesikhathi sokushona kwelanga uJoshuwa wayala, bawehlisa emithini, bawaphonsa emhumeni lapho ebecashe khona, babeka amatshe amakhulu emlonyeni womhume; akhona nanamuhla.
28 UJoshuwa wathatha iMakheda ngalolo suku, walichitha ngosiko lwenkemba kanye nenkosi yalo, wabaqothula nabo bonke abakulo, akashiyanga noyedwa owasalayo; wenza-ke kuyo inkosi yaseMakheda njengalokho ebenzile kuyo inkosi yaseJeriko.
29 UJoshuwa wasuka eMakheda nabo bonke abakwa-Israyeli benaye, waya eLibina, walwa neLibina;
30 uJehova walinikela nalo nenkosi yalo esandleni sakwa-Israyeli, walichitha ngosiko lwenkemba nabo bonke abakulo, akashiyanga noyedwa owasala phakathi kwalo; wenza-ke kuyo inkosi yalo njengalokho ebenzile kuyo inkosi yaseJeriko.
31 UJoshuwa wasuka eLibina nabo bonke abakwa-Israyeli benaye, waya eLakishi, wamisa malungana nalo, walwa nalo;
32 uJehova wanikela iLakishi esandleni sakwa-Israyeli, walithatha ngosuku lwesibili, walichitha ngosiko lwenkemba kanye nabo bonke ababekulo njengakho konke abekwenzile kulo iLibina.